Isidalwa Esisha

thumbnail

Nozipho Madlala
Ngivumeleni ngizazise kabusha
Ngivumeleni nginazize kabusha
Ukuthi ngingubani
Ukuthi ngize ngani
Ngivumeleni ngenze kabusha
Ngikhulume into entsha
Ngiqhubeke ngibonge umusa
Ngibonge ukuhlwa nokusa
Ukulala nokuvuka
Ngibonge ukwenziwa musha
Ngakho ke,
Ngivumeleni ngizazise kabusha
 
Nginyathela ngonyawo ulusha
Ngiyakhula, ngiyanyakaza
Ngiyakha, ngiyakhuthaza
Ngivuleleni indawo
Yokwanda, yokuzindla
Yokuthanda, yokuphila
Ngibona ngeso elisha
Ngifunda imihla nemihla
Ngizelwe kabusha
Ngakho ke,
Ngivumeleni ngizazise kabusha
 
Ngiyihambile lendlela
Angihlabile ameva
Futhi ngimukile nemifula
Ngingenakuphindela emuva
Zifikile izimo zangethusa
Zahlanganisa amakhanda izitha
Zifuna ukungisusa
Ngiyenzile imikhuleko
Ngahlanzwa, ngenziwa musha
Nganqoba abangani namahumusha
Ngakho ke,
Ngivumeleni ngizazise kabusha
 
Thethelelani izono  zami
zakudala
Sulani izinyembezi
Akusizi ukukhala
Yebo ngiwenzile amaphutha
Yebo ngiziphulile izinhliziyo
Kwakhona abalamba ngenxa yami
ngizama ukusutha
Yebo angenzanga kahle
Kodwa ngivumeleni
Ngicule iculo elisha
Tholani ithemba elisha, ngizolungisa
Ngakho ke,
Ngivumeleni ngizazise kabusha
Second Chances
 
This is a piece about seeking forgiveness and finding acceptance from a society that one has wronged. Forgiveness is an important part of the human journey. It’s something that is learnt and perfected through practice. It is one of the hardest things to ask of any society or individual, because many acts of wrong-doing towards others have lifelong implications and leave wounds which often never heal. Many people who have wronged others fear seeking forgiveness out of fear that they many not find it. I say it doesn’t matter. Seek it anyway. But allow people the space to heal, in time you might find another hand on the other side of the olive branch. Life is too short to walk around with the burden of guilt.
To those holding back forgiveness-free yourselves. Holding on to anger and pain is the greatest injustice you can do to your emotional wellbeing. Allow people to re-introduce themselves into your lives, but only when you are ready. Change is part of life, and we need to be open to the fact that some people do change for the better. None of us are perfect and none of us has the power to turn back the hands of time. We’ve all wronged someone at some point in our lives. Many of us have been forgiven by someone at some point in our lives. May we never forget to pay it forward, wherever and whenever it’s due.
Nozipho is a 29 year old poet and social media activist with a keen interest in South African politics and issues affecting women and children. She has been writing poetry since the age of 12 and has had several works published by the then South African Poetry Institute, Botsotso, I Speak Hip Hop (Magazine), Sowetanlive, Timeslive and Oxford University Press (IsiZulu literature). Her work touches many social and political issues affecting South Africans with the aim of not only bringing awareness but also to empower. She is a TUT and UCT graduate and currently resides and works in Pietermaritzburg, KwaZulu-Natal.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Back To Top